votingBY: PHUMZILE MKHUNGO-DLAMINI & THANDO MKHIZE

Amakhosi ase Ndwedwe, enyakatho yeTheku asenxuse umphakathi ukuba ungaphazamise abanye abafuna ukuvota okhethweni lukazwelonke.

INkosi uSibongiseni Khumalo ukuveze lokhu ngenkathi kubanjwe isithangami sabezindaba kuMaspala waseNdwendwe kulempelasonto.

Kuke kwanembiko wokuthi umphakathi ubungathokozile ngalomaspala njengoba sekuphele izinyanga ezine bengenawo amanzi.

INkosi uKhumalo uthi uma lolu dweshu luqhubeka, khona abangazithola bebhekene nengalo yomthetho.

Khonamanjalo omele umphakathi uBheki Ngcobo uthi uma iMeya yakulomaspala ingafiki ukuzoxoxisana nabo, kuzosuka umsindo ngosuku loku vota ngo Lwesithathu.

Share this...Share on FacebookTweet about this on Twitter