POOOLICEAmaphoyisa esifundazweni athi ayasamukela isigwebo esinikwe umlisa owadlwengula waphinde wathumba abesifazane abathathu ezigamekweni ezahlukene.

Inkantolo yesifunda eThekwini ithole uMandlakayise Mkhwanazi enamacala amathathu okudlwengula namanye amathathu okuthumba kanti uzohlala iminyaka engu 30 ebhadle ejele.

Okhulumela amaphoyisa uThulani Zwane uthi laba besifazane abathathu baphakathi kweminyaka engu 29 kuya ku 43 ubudala.

uZwane uthi uMkhwanazi usabhekene nelinye futhi icala elifanayo.

Share this...Share on FacebookTweet about this on Twitter