death penaltyBy; Thando Mkhize
Uphiko lwabantu besifazane ku-NFP esifundazweni luthi lifuna kubuyiswe isgwebo sentambo ngoba ubugebengu sebusezingeni eliphezulu kakhulu.

Loluphiko lusho kanje njengoba elakuleli libhekene nokwanda kwezigameko zokuhlukunyezwa, ukudlwengula kanye nokubulawa kwabantu besifazane kanye nezingane.

Ongusihlalo we-NFP Women’s Movement esifundazweni uThuli Nhlebela uthi uhulumeni uhlulekile ukulawula ubugebengu kuleli.

UNhlebela uthi nomthetho sisekelo kumele ubuyekezwe, ngoba esikhathini esiningi ubukeka uvuna abenzi bokubi.

 

Share this...Share on FacebookTweet about this on Twitter