HLAUDIBY: MENELISI NDWANDWE

Umsakazeli womphakathi iSABC ithi izosiphikisa isicelo esiphuthumayo se African Content Movement ukuthi besakaze bukhoma umhlahlandelo wokhetho walenhlangano esanda kusungulwa.

iACM ifake isicelo esiphuthumayo enkantolo yamaJaji, ifuna ukubophezela iSABC ukuthi isakaze bukhoma wonke umcimbi ozobe useCurries Fountien, eThekwini nokuyilapho uMengemeli weACM uHlaudi Motsoeneng ezothula khona umhlahlandelela wehlangano.

Okhulumela iSABC uVuyo Mthembu uthi bayaphikisana nombono we ACM.

UMthembu uthi banemigomo abasebenza ngayo njenge SABC.

 

Share this...Share on FacebookTweet about this on Twitter