lula srwpBY: MENELISI NDWANDWE

Inhlangano yezombusazwe iSocialist Revolutionary Workers Party ithi izoqhubeka nokuseka lowo owaye enguMengameli wase Brazil uLula Da Silva okuyimanje osezikhindini.

Lenhlangano edlelana ne nyunyana yokusansimbi iNUMSA, ibambe umcimbi wokuseka uDa Silva osebe sejele izinsuku ezingaphezulu kuka 500.

Lo mcimbi uyaqhubeka emahhovisi eNumsa , eThekwini.

IPhini likaNobhala le SRWP uDkt. Vashna Jagarnath uthi bayawuseka umkhankaso wokuthi uDa Silva aphume ejele.

uJagarnath uthi ukugqunywa ejele kwalo obenguMengameli eBrazil kuyisenzo songxiwa sokufuna ukucindezela umzabalazo wabasebenzi.

Share this...Share on FacebookTweet about this on Twitter