Lennox
Umnyango wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu esifundazwe uthi umsebenzi wokuzama ukuthola abantu ababili abamuka nezikhukhula ngesonto uyaqhubeka.

Izolo lomnyanago ukuqinisekisile ukuthi bathathu abantu abatholwe sebeshonile eva kwezimvula kulesisifundazwe.

Izindawo ezakhahlamezeka kakhulu kubalwa kuzo-iKwa Mashu, Inanda, iNtuzuma kanye neMaoti.

Kulabo abashonile kubalwa owesilisa oneminyaka engu 40 ubudala kanye nengane yakhe eneminyaka engu 6 nabamuka besemotweni.

Okhulumela umnyango uLennox Mabaso uthi ithimba labezinhlekelele basebenza ubsuku nemini.

Share this...Share on FacebookTweet about this on Twitter