BY: THANDO MKHIZEacci

Umnyango wezokuthutha esifundazweni usunxuse abantu ukuba bashayele ngokucophelela emgaqweni yakuleli.

Lokhu kulandela ingozi enyantisayo edlule nemiphefumulo yabantu abangu 14 kwalimala abane, lapho itekisi itholane phezulu nemoto encane kwaze kwagqamuka amalangabi, emgaqweni uN2 maphakathi nempangeni naseNseleni enyakatho nesifundazwe.

Okhulumela lomnyango uMluleki Mtungwa uthi uNgqongqoshe wezokuthutha uMxolisi Kaunda usedlulise amazwi enduduzo kulaba abalahlekelwe amalungu omndeni.

uMntungwa uthi uKaunda kulindeleke ukuthi avakashele kulendawo yesigameko.

Share this...Share on FacebookTweet about this on Twitter