Izikhulu zase DUT zithi lesikhungo sizovulwa ngesonto elizayo kodwa ukufunda kanye nokufundisa kusamisiwe kuze kube kuphothulwa izingxoxo phakathi komkhandlu wabafundi kanye neziphathimandla.
Okhulumela lesikhungo uAlan Khan uthi abafundi kufanele bengasondeli eduze kwesikhungo kuze kuba kuphothulwa izingxoxo eqhubekayo.
Kulindeleke ukuthi ngesonto elizayo kubanjwe nenkonzo yesikhumbuzo yalomfundi odlule emhlabeni ngenkathi abafundi bebhikisha.
UKhan uyachaza.