BY:Ntokozo Thembani

 

Umfundisi webandla i-Thekwini Community Church uVusi Dube uthi kubalulekile ukuthi abaholi bezenkolo bangenelele ukusiza ezinkinga ezikhungethe abafundi emanyuvesi.

UDube usho lokhu njengoba namuhla ubehamba nabaholi bezenkolo abahlukene enyuvesi yase DUT nalapho kushone khona umfundi.

UMlungisi Madonsela oneminyaka engu 20 ubudala udutshulwe unogada osebenzela inkampani i-Excellent Security neqashwe ilesikhungo ngesikhathi kuqhubeka umbikisho kulelisonto.

Okunye akuvezile uDube ukuthi abaholi bezenkolo umsebeznzi wabo ukubuyisa uzinzo kanye nokuthula emphakathini.

vusi dube

 

Share this...Share on FacebookTweet about this on Twitter