Gumede MaZandi

Uphiko lo-Klebe amaHawks lithi seliziqinisile ezokphepha zomphenyi ohola uphenyo mayelana namacala enkohlakalo nokukhwabanisa abhekene neMeya yeTheku uZandile Gumede.

Ezokphepha ziqiniswe emumva kokuthi adutsulwe walimala ngaphandle komuzi wakhe oseGermiston eGoli.

Kukholakala ukuthi lesisgameko senzeke ngolweshlanu olwedlule, nakuba sivele manje.

Okhulumela amaHawks uHangwani Mulaudzi.

Umhlaziyi wezepolitiki uXolani Dube uthi inhlangano ebusayo iANC izidonsela amanzi ngomsele njengoba ingafuni ukuqhamuka nesqumo ngeksasa leMeya uGumede.

UGumede uvela enkantolo yeMantshi eThekiwni namhlanje, ebhekene namacala enkohlakalo nokukhwabanisa.

Ukuphawula kuka Dube kuza emva kokuthi iANC imemezele ukuthi izophinda ilule ikhefu eliyispesheli lika Gumede.

uDube uthi iANC ikhombisa ukungabinalo ubumbano nokuholela ekutheni ihluleke ukuthatha izinqumo eziphusile.

I-ANC esifundazweni ithi isinqumo senkantolo mayelana nodaba leMeya  uGumede ayishintshi lutho mayelana nezinhlelo zabo ngaloludaba okwamanje.

Lokhu ukuphawaula kulandela isinqumo senkantolo nekhiphe umyalelo wokuthi kuhlehliswe icala lika Gumede lize libuyele ngo January ngonyaka ozayo.

UGumede kanye nozakwabo uvele kafishane enkantolo kanti babhekene namacala okukhwabanisa kanye nenkohlakalo.

Okhulumela i-ANC uRicardo Mthembu uthi umhlangano wesigungu esiphezulu kulenhlangano abazowubamba maduzane iwona ozocacisa ngekusasa lika Gumede.

Khonamanjalo okhulumela i-Da uNicole Graham uthi yize icala lihlehlisiwe bona basazoqhubeka nezinhlelo zabo zokukhipha uGumede esikhundleni.

Kanti oyilunga leIFP emkhandlwini weTheku uMdu Nkosi uthi lelicala likaGumede liphazamisa umsebenzi womkhandlu kanye nokuhanjiswa kwezidingo ngqangi kubantu.

Share this...Share on FacebookTweet about this on Twitter