obasanjo

By:Noluthando Mchunu
Umengameli waseZambia uEdgar Lungu kanye nomholi weqembu eliphikisayo kuleliyazwe i-United Party for National Developmentu Hakainde Hichilema sebevumelene ngokuthi kumele kubanjwe izingxongxo ukuze kuliwe nodlame lwezombusazwe kuleliyazwe.

Lokhu kuza ngemuva kokufika kukaNobhala jikelele we-Commonwealth Patricia Scotland eZambia ukuzozama ukuxoxosiana nohuluemeni wakhona ukuze kuqedwe udlame oluqhubekayo.

Scotland izolo ubambe umhlangano noLungu, uHichilema, usomlomo wephalamende u-Patrick Matibini kanye nabaholi bezenkolo.

Udlame eZambia lwaqala ngonyaka odlule emva kokuthi iqembu eliphikisayo lazwakalisa ukungahambisani nempumela yokhetho lwangonyaka odlule nolanqotshwa umongamelu uEdgar Lungu nokwaze kwaholeli ekutheni umholi weqembu eliphikisayo uHichilema aboshelwe amacala okudala udlame emphakathini.

Owayengumongameli waseNigeria Olusegun Obasanjo uthi loludlame selenze abantu baseZambia bahlalele ovalweni.

Share this...Share on FacebookTweet about this on Twitter