amaphoyisa

Amaphoyisa asekuqinisekisile ukuthi kuboshwe owesilisa oneminyaka engu 34 ubudala ngemuva kokutholakala nezicubu zomzimba zabantu eMargate ogwini oluseningizimu nesifundazwe.

Kuvele ukuthi amaphoyisa athole umbiko wokuthi kunowesilisa odayisa ngezicubu zomzimbaku Marine Drive kuyona lendawo abe esemfica emotweni athola ibhakede ebelinezicubu ezahlukene.

Okhulumela amaphoyisa uThembeka Mbele uthi okwamnje abakwazi ukucacisa ukuthi lezicubu bekungezomuntu oyedwa okanye abantu abahlukene.

UMbele uthi lomlisa uzovele enkantolo maduzane ebehekene necala lokutholakala nezicubu zomzimba engagunyaziwe

Share this...Share on FacebookTweet about this on Twitter