maspala
Imenenja kamasipala weTheku uSipho Nzuza usenxuse zonke izakhamuzi zaseThekwini ukuthi zizame ukonga ugesi.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi lelizwe lisaqhubeka nenkinga yokunqamuka kukagesi nokuthiwa kungenzeka iqhubeke kuze kushaye uApril.

Izolo kushaqeke abantu abaniningi ngenkathi inkapheka ephakela elakuleli ngoGesi uEskom imemezela ukuthi izonqamula ugesi ngokwesigaba sesine nokuyinto eyagcina ukwenzeka eminyakeni emine eyedlule.

Okhulumela umasipala uMsawakhe Mayisela uthi loludaba ludinga ukuthi wonke umuntu abambisane.

Share this...Share on FacebookTweet about this on Twitter