ndweBY: PHUMZILE MKHUNGO-DLAMINI & THANDO MKHIZE

IMeya yakumasipala wase Ndwedwe, enyakatho yeTheku uNkosinathi Chili uthi bayazizwa izikhalazo zomphakathi futhi uyathembisa ukuthi uzosebenzisana nawo ukuxazulula izinkinga ababhekene nazo.

Usho kanje njengoba lo masipala ububambe isithangami sabezindaba, kanye namakhosi endawo.

Lo mphakathi ubukhala kakhulu ngenkinga yamanzi esiqhubeke izinyanga, kanti besebeze bathembisa ukuphazamisa ukuvota.

UChili usecele lomphakathi ukuba ubekezele njengoba besezinhlelweni zokulungisa amaphutha.

Share this...Share on FacebookTweet about this on Twitter