Zandile-Gumede-e1555337235788

Inhlangano yamakhomanisi kulesfundazwe i-SACP ithi iyasamukela isinqumo esithathwe isigugungu esiphezulu se-ANC.

Lokhu kuphawula, kuza emva kokuthi i-ANC kulesfundazwe ikhombe indlela obeyiMeya yaseThekwini uZandile Gumede kanye nobeyiMeya yaseMsunduzi uThemba Njilo kanye nawo wonke amalunga omkhandlu akuMaspala waseMsunduzi.

Lesisinqumo simemezelwe emva kweviki lonke lezingxongxo phakathi kwamalaunga esigungu esiphezulu senhlangano.

Unobhala we-SACP kulesfundazwe uThemba Mthembu uthi ubuholi be-ANC butshengise okukhulu okwethembeka.

Khonamanjalo umholi wophiko lwabesfazane kwi-ANC uBathabile Dlamini uthi iANC Womens’ league ayeme ngesenzo se-ANC.

UDlamini uthi sekubonakala njengosiko kwi ANC ukuxoshwa kwabantu besfazane ezikhundleni zabo.

UGumede ubhekene namacala enkohlakalo, kanye nokukhwabanisa abandakanya ithenda ka208 million wamarandi lokuthuthwa kwemfucuza.

UDlamini uthi nakuba uGumede ebhekene namacala abucayi, kodwa i-ANC kumele ikufake ekhanda ukuthi abantu besifazane bazohamba kulenhlangano, bese besala bodwa bengamadoda.

UDlamini uthi bazohlangana nesgungu esiphezlu senhlangano, ukuzodingida loludaba.

Share this...Share on FacebookTweet about this on Twitter