zwakeleBY: MENELISI NDWANDWE

Ogaqele esukuba uNdunankulu ku DA esifundazweni uZwakele Mncwango usecele izibusiso kumholi webandla lase Nazareth Baptist Church, iNkosi uNyazi Lwezulu.

uMncwango kanye nabaholi abaphezulu bahambele eBuhleni, eNyakatho yeTheku izolo.

Uthi bekubalulekile ukuthi ezocela izibusiso kuNyazi ngoba izwe libhekene nokhetho olubalulekile ngenyanga ka May kulonyaka.

Ufike nesipho zezimvu ezimbili kuMholi waleli badla elinezigidi zamakholwa.

uMncwango uthi ziningi izingqinamba ezibhekene nalesi sifundazwe.

Share this...Share on FacebookTweet about this on Twitter