BY: NTOKOZO THEMBANISINDISO

Ungqongqoshe wamaphoyisa kuzwelonke uBheki Cele usekuqinisekisile ukuthi ukhona umsolwa oseboshwie ecaleni lika Sindiso Magaqa, owabulawa eMzimkhulu eningizimu nesifundazwe.

Lokhu ukusho izolo ngesikhathi ebambe isithangami sabezindaba eThekwini, nalapho ebethula umsebenzi osuwenziwe ngamaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi khona ababalwayo kumacala okubulawa kosopolitiki.

UMagaqa owayekade engunobhala wophikolwentsha kwi ANC, kanti wabulawa ngesikhathi eseyikhansela lakuleyandawo, wadutshulwa ngesikhathi ephuma emhlanganweni kulendawo, kanti ayehamba nabo basinda kulesigameko.

UCele uthi kuyacaca ukuthi lomlisa uyinkabi, njengoba ethinteka futhi kwamanye amacala okubulala eGauteng.

 

Share this...Share on FacebookTweet about this on Twitter