Robert Mugabe

OwayenguMengameli wase zweni lase -Zimbabwe uRobert Mugabe asakesho emhlabeni.

UMugabe nobesegule isikhathi eside ushone eseneminyaka engu 95 kanti kuvele ukuthi ushonele kwelase Singapore nalapho ubeyotholwa ukwelashwa

Kuzokhumbuleka ukuthi uMugabe waba nguMengameli wakulelalizwe iminyaka engu-37, kanti wasuka esikhundleni sakhe ngonyaka ka2017 kwabe sekungena uEmmerson Mnangwangwa.

Okhulumela uhulumeni wase-Zimbabwe uNick Mangwana uthi nakuba uMugabe ebedume ngokuthi unenhliziyo embi, kuningi akwenzile ukulwela izwe laseZimbabwe.

Izinhlangano zezombusazwe eziphikisayo ezweni lase-Zimbabwe zithi nakuba babengabethembi ubuholi buka Mugabe, bayazi ukuthi naye wayenesifiso esifanayo sokuletha inkululeko noshintsho.

 

Umholi weMovement for Democratic Change uTendai Biti uthi uMugabe uyohlezi eyisibonelo kubona.

Share this...Share on FacebookTweet about this on Twitter